idlozi nesthunywa

idlozi nesthunywa izinto ezimbili ezithi lezi mazifane kodwa azi fani, nokuchaza kwabantu ke akufani mina lokhu ngzkuchAZA


isithunywa
nguhlobo lomoya oluthithile luphila kuwowonke umuntu uma lingakaqhumi uma lusasaphila kanjalo luphila lubizwe ngama instinct kumuntu wonke, ngoba njalo uma kunento engalungile umuntu uyayizwa kodwa kbese engaqondi kuba kwenzekani and the samthing ke, isthunywa we call it the strong instinct of human being, they strong to spell out the problem of individual and read them, so lokhu kuza ngokuba u faster unagdli ukudla uthandaze

izindlela zokwenza isithunywa sisheshe
_ukuthandaza entabeni
_ukuphila ehlane ungabonwa muntu kusukela ezinsukwini eziyisikhombisa kuya kwezingamashumi amane nanye
_ukubhava ezimpophomeni ufastile
_ukungena ezizibeni uzihlambulula
_ukungazihuqi ebafazini njalo (ucansi)
_ukuba wedwa

isithunywa asdinge muthi ukuba sikhulume sidinga umuntu waso ekwazi ukusilala njalo uma sikhuluma, ngoba izithunywa azifani kubantu ngoba nabo bengafani. sisukuma kakhulu ezinkonzweni nakhona ngenxayomsindo osuke ukhona khona nangokujula kwabantu mase siyaphakama kakhulu ngalesosikhathi sikhulume lokho esisuke sifuna ukukukhuluma njalo sona okanye siveze lokho

indlela esikhuluma ngayo
abanye babona izithothembe njengoba zinjalo
abanye bezwa amazwi asho kuthile kubo
abanye babona i video idlala kubo qobo
lokhu kuya ngendlela wena muntu osjwayele ngayo esakho, (speaking in tongues) la kusuke sekuqubuke izithunywa zonke ngokushiyana nangokuhlukana kwazo zozine umasezibanga ukukhuluma mase umuntu eseshaya ngezilimi

izithunywa zowu 4 (zozine)
esasenyakatho
ningzimu            (south)
nyakatho            (north)
mpumalanga      (east)
ntshonalnga       (west)

ilapha okuzaleka khona izilimi ke lapho, mind ukuthi umuntu ngamunye unamadlozi more thn 1000
eyedwa sibala kusukela esizukulwaneni semindeni yomine ngoba umuntu wakhiya imndeni emini (4)
owakubo kwababa
owakubo kwamama
owakubo kwagogo ozala ubaba
owakubo kwagogo ozala umama

isithunywa asihlangani njalo nenkolo cha cha sizimele nje gelekeqw kuze ube nesthunywa akudingi ukuthi ube nebandla elithile isabelo nje esithile ostholayo nawe njengomuntu owabelwa sona

ngisazochaza ngedlozi kungekudala ngoba iningi indida kubantu nedlozi abanye baze beliqhathinise nonkulunkulu nganxayokuthi bona abazi kuthi yin idlozi abanye bazi ukuthi it an evil spirit kodwa ungase uhlale naye phansi umuntu akazi kwakkwazi ukuthi yin idlozi

ngu nkosikhona lo wakwa Mathe
please like my page ISIZIBA SEMPANDLA to get more infor and ask question ngezinto zemikhuba(rituals) nezingamasiko(culture) nangesintu (traditionally) uzoythola izimpendulo kum

Comments

  1. Hai cha mfwethu uyalususa udaka esweni lomuntu..ngyabonga

    ReplyDelete
    Replies
    1. Ngiyabonga kakhulu impela nami bengi confused kakhulu ngoba esontweni siyaphakama into nje asikakhulumi and manje ususile ungwengwezi kumina ngoba sometimes ekhaya kuthi angikhuleke uthole ukuthi mina angazi ukuthi mina angazi ukuthi into evelaphi lena.okubi kakhulu nje ukuthi umndeni wami awungithandi sengize ngahamba even ekhaya ngayo hlala ngedwa even abantu besifazane nje cha impela abayizwa indaba yami anginabangane kumanje.

      Delete
  2. Hai cha mfwethu uyalususa udaka esweni lomuntu..ngyabonga

    ReplyDelete
  3. Amen nam kuyangicacela kahle ngizwa yonke incazelo yakho ngiyabonga

    ReplyDelete
  4. Mina ngcela ukwazi nge dlozi..ngoba nami ngingomunye walesiphiwo ..kodwa nginoku dideka ukuthizeni ..

    ReplyDelete
    Replies
    1. Thulisile ngizocela nje ubeke iso lapha kuzolunga kuzovela maduze nje hlezi nje ubhekile

      Delete
  5. Ndiyakhonza ecaweni ndiyasokola ngoba isithunywa Sam asiboni Kodwa ndiyeva ikhona into endiyibonayo qha asiboni ndingenza njani I kuvulwe isithunywa

    ReplyDelete
  6. Mina nje ngicela I number yakho I real wish ukuxoxa nawe kabanzi, ngomunye nam onesiphow futhi siyasebenza inkinga ngasuke ngaqonda no nomlisa ongangile ngisayijogosi. Manje nje khona izinkinga angidalela zona kahle kahle weyezama ukunganga ngami.

    ReplyDelete
  7. Mina nje ngicela I number yakho I real wish ukuxoxa nawe kabanzi, ngomunye nam onesiphow futhi siyasebenza inkinga ngasuke ngaqonda no nomlisa ongangile ngisayijogosi. Manje nje khona izinkinga angidalela zona kahle kahle weyezama ukunganga ngami.

    ReplyDelete
  8. Ngithanda ukubonga ipage lakho

    ReplyDelete
  9. Siyabonga Mathe ukusipha lolulwazi ngoba cishe yisona sabelo sethu lesi singama africa esiyigugu kithi ehamba sihlakazeke ngokudukiswa abezizwe zaphesheya nezakhona lapha kwelakithi kwathina imbala ngokungazi nangokukukhonza ukukha phezulu,ngoba iningi sikhuliswa ngenkonzo yase ntshonalanga okungeyona eya kwelakithi abadala ababekade bazikahle ukuthi kungani babeyilandela ngoba kwakuyilezozikhathi noma singasazanga thina esikulesisikhathi samanje ngakhoke konke lokhu okubalile (isithunywa nedlozi) kuyaye kusihluphe bese kuba nzima kithi okusihluphayo ngoba nabadala uma besishiya emhlabeni ababiki,so umuntu ugcina engazi ukuthi unedlozi noma unesithunywa thizeni noma uhlushwa izilwane ebezisetshenziswa abadala bakubo angakaze ezwa ngazo umuntu ahlukumezeke ke umuntu aze awele ezandleni zabaphorofethi,izangoma,izinyanga zamanga abantu abathembisa uncedo bengasho nokuthi ababoni lutho olunganceda.mhlawumbe umuntu kumele abe ngumfundisi athwasiswe,or kumele abe yinyanga athwasiselwe ubungoma or unesithunywa bahluleke ukumlungisela okwesithunywa mayenakho konke bangakumisi kahle kube wutaku lwezinkinga kumuntu kanti ubethi kuzolunga mhlawumbe besekubangathi udutshiwe umntu ngabasephalamende abamongamele ngenxa yezimfihlakalo akangazazi kwayena ukuthi amabombo uzowabhekisa kuphi. NGIKULESISIMO amaphupho ami akhuluma ngemithi, inyanga elaphayo,nabantu abagdoka izingubo edimhlophe nezidgoko ezimabala engwe, i feel that i belong somewhere within what you have mentioned above but i don't know where

    ReplyDelete
  10. I really need help and angazngphume ngibhekephi senginukwa ngezinto engungazazi kanti ngihlale ngiphuphe ngath isthunywa nedlozi lizongilanda baya phelezelana kodwa bengibabjwe isthunywa ngesandla

    ReplyDelete
  11. Mina ngi funa ukwazi u kuthi u ma ngi phakathi kwa bantu bese kuba nento e ngiyi zwayo kimi u thole ukuthi a ngi sabi right ngathi ngiya phakanyela kodwa nginga tholi I mpendulo ngiyenze njani u kuthi isithunywa sami si khulume nami

    ReplyDelete
  12. Thokoza Mkhulu! Kudala ndifuna ukuva kahle ngesithunywa, kodwa wena uze wandivula amehlo. Ndiyabonga mkhulu. Ndimane ndiphupha ndigqoke izingubo ezimibala plain Blue eneLeopard Print emahlombe /yellow . Ndiphuphe abantu ababophe iintambo ezimabala bala, besithi ndizobathola ezintabeni engase caleni lase Mpumalanga. Kanye manje ndiphupha ndihamba nabantu bendibambile bendifaka eManzini (ave ndiwasaba ke amanzi mkhulu) kubakho umbizane kulamanzi kodwa ndaze ndaphuma. Okubuhlungu ke izinto zami azihambi kahle tuu. Ndineminyaka ndingasafumani umsebenzi, ndililolo nje elingafunwa mntu. Ndicela ubuza ndingenza njani ukuze kuvuleke izinto zami mkhulu

    ReplyDelete
  13. Ngyabonga kakhulu for clarity this thing confused me for years izinto zami ziyabophana nje ngixabane nabantu ngizondwe ngabantu ngingazi kwenzenjani kuthe kugcina ngifikelwe inyoka encane( impumputhe endlini ngagcina ngyayiyeka nje ifike ngiyibone ize izihambele futhi kwavaleka sona isithunywa ngoba mina bengizazi ukuthi nginemimoya all these years ngingasazi ukuthi kumele ngenzeni ngoba sengikwenzile konke okwemimoya obekuthiwa angikwenze ngiyathemba le infomation engiyithola la izongilekelela nayo inzima impilo yethu ikakhulu uma ongowesifazane uvele uzwe ukuthi umuntu wesilisa awumdingi kunalokho engathi ungathola nje into yakho ozoyibiza ifike uyixoshe futhi mawungasafuni of which is impossible so syabonga sibambe nzima kakhulu

    ReplyDelete
  14. ngisacela ukubuza ukuthi iganiswa kanjani imimoya uma umuntu eshonile kuthiwa wayenemimoya engazange iganiswe mhla egana.


    victor

    ReplyDelete
  15. Ngisacela ukubuza ukuthi ngizokwazi kanjani ukuthi uhlobo lesithunywa esikumina esesilisa Noma esesifazane

    ReplyDelete
  16. Ngiyabonga kakhulu.. mine NGO may 2020 ngiye ngathola kutsi nginesithunywa seku prophet.. kepha angati kutsi ngicalephi🤞

    ReplyDelete
  17. thank you very much. clear, simple & straight to the point.

    ReplyDelete
  18. thank you very much. clear, simple & straight to the point.

    ReplyDelete
  19. Ngyathokoza kakhulu ngolwazi osipha lona.. Mina ngicela ukubuza uma isthunywa sizo khuluma singakaze sikhulume before yini oyizwayo.coz mina nginokuhlala ngizizwa ngethuka but ku ngekho okungithusayo and kube ngathi khona into edlulayo but mangth ngyabhekisisa kube ngathi akukho lutho Ngbona izinto ezingekho nezindlebe zinokuduma

    ReplyDelete
  20. Thank u very much for the information. It's really enlightenment

    ReplyDelete
  21. ngiyabonga...kuya ngokungikhanyela manje impela🙌

    ReplyDelete
  22. Ngisacela ukubuza Uma uphupha umlungu omsebenzayo niyonika amabhubezi ukudla kuchazani

    ReplyDelete
  23. Siyabonga about the shared information. You have opened my eyes

    ReplyDelete

Post a Comment

Popular posts from this blog

Amalumbo

ukuqinela isibhamu