Posts

Showing posts from 2018
Image

Izinunu 2

Izizwe,izilwane,izipoki,isipoliyane Kanye namabutho Lezinto iningi labalaphi besintu bayaziphambinisa lokhu okwenza ukuba kungahambi ngendlela izinto abafuna ngazo noma zenzeka zona kodwa azifiki lapho kumele zifike khona, ngoba lezi izinto ezehlukene kakhulu noma zingenza umsebenzi othi awufane kodwa ukufana zona kazi fani. Izizwe Leligama liyazisho lona uqobo ukuthi izizwe, so ke ezizweni kuyacaca ukuba inhlanganisela yabantu abahlukeni ngokubuzwe babo, amandiya, amashangana, abelungu, njl. So la kujwayeleke ukuba kwakhiwe izizwe ngabo amathambo abo amafutha abo ngokuhlukana kwabo kanjalo nemilotha yabo. Mase kuhlanganiswa namakhambi, amaxolo, izimpande ezithile Kanye namakhasi azokwenze ukuba lezinto okanye labantu bevuke futy bezane bephinde benze into efunwa ilowo othile kube beyenze. Isibonele izizwe ziyabhulisa ezinye, zigade izithandwa zabathile, ikakhulukazi zifakwa kwabesmame ukuze uma ehlangana nomunye wesilisa ngaphandle kwakho zivuke zikhulume zinqame ukuba belale…… Iz

Izinunu

Uzelane,umkhovu Kanye nomuncu Umkhovu awukiwo umuntu bazalwane owaduka wase efakwa isipikili umkhovu uyinunu qobo ay umuntu lesi islwane esifuywayo njengazozonke izilwane, izinkukhu, Kanye nezimbuzi. Wona umkhovu uthanda kakhulu amavovo okanye izinsipho ukuze udle zona kanjalo namasi futhi mase kuba inyama ethambile enjengo mubende izibindi. Lenunu iyawakha umcebo ekhaya futhi iyasakha isthunzi ekhaya. Lenunu iyathunywa iyakhuluma iyaphendula uhlobo lweslwane olungabonwa noma uban lolu kodwa lubona abathile Kanye nezingane ezincane ezingakalali nabantu noma ezingakathombi. Kungamanga ukuthi kuthwebulwa umuntu mase efakwa ispikili ekhanda, cha cha imthwebulo nje iseceleni futhi iyodwa qwaba ayhambelani nalokhu, umuntu othwebulayo usuke eyosobenze kwenye indawo kwaziwe ukuba ufile kubo, noma atwebulwe abalawe kusebenziswe izicubu zakho endaweni ethile ekwakheni umuthi Ziningi izinhloso zokuthwebula umuntu, umkhovu uyakwazi ukuthi uphendule umuntu abe yisoka lakho ulale nayo kodwa ekugc

Amalumbo

asibhukude!!!!!!!!!!! yin ilumbo? ilumbo yinto eyenzeka ingakholakali ethi ayibe samlingo indlela eyenza ngayo iyadida ukuhlukana kwamalumbo -amalumbo okucupha imizi -amalumbo okucupha abafazi -amalumbo okulwa (izinduku) -amalumbo omeqo -amalumbo okuthunywa wokuthakatha lezi zinhlobo eziyisihlanu zamalumbo ngokuhlukana, kodwa sokhuluma ngelokucupha umfazi, uma ufuna ukwazi ngamanye uzoybuzela wena, khona ilumbo ;lenyoka ukuthi lowo olala nomkakho ahanjwe inyoka igijime isisu sonke iyakhula lenyoka ngaphakathi esiswini kuye kuze kube ukuthi uyafa uma engalashwanga, ilumbu elimkaya isende lihluphuke okanye libole ngaphambili lithatha isinzuku ezintathu kwesine uyafa ilumbo elenze induku ingavuki nhlobo kuye lowo, noma owesifazane engabi manzi nhlobo. ilumbo elidla isende liphele nyaaaa ligqoqane imvamisa lithakwa ngesende ledada, ilumbo elenza uma belele lo wesilisa kupheme isidoda ngamakhala (sperm) ashone khona lapho, ilumbu elenza azihudele uma nje ethi uyayfaka induku, ilum

Izulu

Izulu Izulu uhlobo lwesigadlo esihle kakhulu uma uthatheka kancane noma ukubuyisa impahla elahlekile kuye ngobuchule lowo melaphi anokho ngalo. Izulu lehlekene izigaba ezine (4) khona izulu lendoda, elomfazi, elilandayo mase kuba elaphansi. Elendoda Izulu elihle leli ngoba alisukumeli ukudlala futhi kunzima ukulehlisa lingashayile. La kukhuphuka ifu elimnyama bhuqe ilanga libalele mas liwadlaza nje kancane likhiphe unyazi lapho kusuke sekuhambe umuntu emhlabeni lokhu kwenzeka isikhathi esingaphansi kwemizuzu elishumi, alinamsindo lelizulu lithatha umuntu lihambe isimo sezulu sibuyele esimeni. Phela lithakwa nglo msuka omnyama Kanye no neyve mase kuba zinduku ezinye njengo ngwaline nemibhadlongo nje, leli izulu eliyingozi kakhulu ngoba uma kucasuka kuthukuthela umnikazi walo nalo liyaqguqga libe mnyama, kanti uma eshona liqeda abantu kumele kube khona umkhuba owenziwayo ekhaya…… Elomfazi Lokhu ave kuyinkinga akubulali muntu khona kodwa maye akunamsindo akulalwa ebusuku liduma liqhe