Posts

Showing posts from 2019

Imfuyo part 2

Nginibingelele nibingeleelwa ihlathi lakwa Mathe Imfuyo part 2 Ukwanda kwemfuyo ekhaya kusekuqikeleleni ukuthi niyphethe kanjan nina kanti niyinakekela kanjan Namuhla nje ngfuna kuya ekuzalanen kwezinkomo, ikhaya liba nenkunzie eyodwa namaduna ke nezinkabi yebo zingaba ngaphezulu kwezimbili izinkunzi, kufanele inkunzi uma isizalise izinkomo ekhaya zanda leyo nkunzi ayithenwe noma idayiswe ngoba yini na?  Uma izobuye futhi ikhwele abatwana bayo abaphume esikhabeni sayo nalokho kuyaylimaza imfuyo ekhaya Okungenan ungayishitsha kothile omethembayo kuthi esizukulwanen sayosesibili uyibuyise izoqhubeka. Impahla ekhaya inabantu abayphethe ayiphathwe nguwe, impahla inemigomo -amathambo enziwani uma ihlabiwe -izikhumba -amasi ayo -izimpondo zayo Imizi lezinto izenza okungafani, kodwa kukhona okwenziwa ngakho . Intambama enhle

Imfuyo

Akengbingelele sizwe sika zulu omnyama ondlela zimhlophe zibheke kudee Lee nibingelelwa impandla endala kunazo zonke, namuhla ngfuna sthinte ngemfuyo yini umfuyo? Imfuyo inoma isiphi isilwane esifuywa ekhaya  kungaba esasendle noma sesakhaya, ubani ofuyayo kufuya indoda umfazi akafuyi umane leyo mpahla ayisisele ingane ibizwe ngegama lengane ay elakhe ngoba yena akufuyi  nazi izinto ezifuywayo Izilwaleni ezibonakalayo -imfene -izinkukhu -amajuba -izinkomo -izimbuzi -izingulube Nonkunye nokunye Ezingabonakali -imikhovu -omatindane Etc Imfuyo kuba igama ukuthi eyakho kodwa eyokhokho bethu nomkhulu abangaskho, ingakho kubalulekile ukuthi emhlambini kube khona inkomo kakhokho nekamkhulu, kusizaphi lokho Mathe?  Kusiza la kuthi impahla ingebiwa futhi ingashabalali kalula. Ukwanda kwemfuyo Imizi iba neziko layo lokwandisa imfuyo, noma isiselwe lowo omvunywa imfuyo kuze yande -iziko lisiza kulokhu ukuqapha imfuyo nokuyenza imikhuba yeziko lakulowo muzi Umkhumis/nosishun

imithi

Niyaphila indaba yami namuhla ila engathi impela kufanele kube istudy okuzothiwa ukuthaka 101 ,lapho abathaki baku whtspp naku facebook bemithi bezofunda imithi nokuthakwa kwayo nokudlelwa kwayo kuze bengazikududulisa abantu izindonga zase Jericho Kufanele uthake umuthi owaziyo ay umuthi owake wezwa ngawo noma owezwa kukhulunywa ngawo lokho kuyekele kubanikazi bakho akikho okwakho okwalabo bamba okwakho, umuthi uhlukene kanje ke nginixoxele esihlahleni esisodwa -amaqabunga -igatsha (izinduku eziphethe amaqabunga) -amaxolo -inxabo -impande -umongo womuthi Lokhu esihlahleni akufani umsebenzi wakho nokubaluleka iningi labantu lazi kuthi impande nenxabo yinto eyodwa kanti akunjalo impande isenxabeni kanti inxabo ayikho enxabeni Ok ke yaphinda yahluka kanje ke imithi -izihlanzi -izintelezi -ubalawu -izihlanzi (zemntombo) -imthinqiso -etc Lemithi inendlela yayo ethakwa ngayo awnele uzwe igama elithi nhlahlemhlomphe mase ugalela ebhakedeni uyophalaza, umbuzo uthi uphalazela yiphi

ukuqinela isibhamu

Nikahle Akengphundule lemibuzo nje embulwa Mathe kungani abantu abaqinile befa ngazo izibhamu? OK LA angek nganayo impendulo eqondil kodwa ngokholelwa kwami akekho umuntu ongafi ngizothi ke suke sekufike umzuzu wokuth naye efe, kanti okunye uma uhlezi uchitha igazi imithi iyalimala kuwe okusho ukuthi iyancola . Mathe ukuze ngingadubuleki ngenzenjani? Kufanele wazi kuthi ngeke ungadubuleki kodwa LA kusuke kuncishiswa amathuba akho okudubuleka ngenxaphephe, ikakhulukazi ukuqina inhloso yakho ukuzivikela akikho ukuhlasela, =Kufanele ke unciphise ukubulala abantu =qinisekisa ukuthi izinhlanga Kanye namabhande akho, izinsonto okanye izincweba zakho zisesemeni ngasosonke isikhathi =uma bekebakuzama behluleka fanelee uphinde uvuselele umuthi lowo =uvuselele imithi ngisho ingaphuphile Nakhu ke okunye kubalulekile ukuqina kabili, qinele isitha sakho uphinde uqinele ivolovolo ke Okhey izitha zakho mazingahlangani ngawe zize ziphethe ngempilo yakho, lokho akufanele kufanele kupham

ubizo

Awuthi nginifake umunwe esweni ke manje!!! Ngynihlokoloza Did u know kuthi ubungoma akilo ubizo kumuntu? If uthi ubungoma ubizo  Kungani kufanele uthwase kuze ube isangoma ngoba isangoma othwasile uma ungathwasanga awukiso uyi...? Kungani uma kuwubizo kufanele eyofakwa phansi kweziko lakomunye umuzi kodwa kuthiwa ubizelwe kulowo msebenzi? Kungani kufanele uyoqeqeshwa yidlozi lakomunye umuzi ubizwe elakini, lokho ukufundiswa kwenza kube wubizo nah? Ngoba ubizo yinto ozalwa nayo ikuwe engengeziwe ngezinto ozifice emhlabeni engenalo uqeqesho ngezo Ubunyanga kuwubizo (ugedla) Ngoba kusuka umuntu ngale kokuyalelwa okuthile ophilayo ehlanganise okuthile kuphile othile Isanusi ubizo Ngoba kusuka abangasekho be.... Mhlosana Ubizo ngoba umuntu uyaphuma ekhaya ehambe eye emanzin engaziwa muntu ekhaya ukuthi ukuphi eyoqeqeshwa ngqo amakhehla akubo okuyiwo asuke embizile, kulolo bizo lwakhe... Ngoba umuntu othwase emanzini akisiso isangoma... Yekelani ke ukuqamba nithi wubizo e