Ilumbo/amalumbo
Sekusihlwa ngyanibingelela akesixoxe lento
Ilumbo lenyoka!!!
Lelilumbu lakhiwa abathaki bemithi ngezindlela ezehlukene ukuthi uma wena ulale nalowo onalo suke kufa ele leyonyoka ikudle ikubulale. Mase ke kwehluka ukwakhiwa kwawo lamalumbo ngenyoka.
Lelilumbo liyatholakala futhi ngomeeqo,kanjalo nokubekelwa, alitholakali ngoko cansi kuphela. Lakhiwa kanjna lelilumbo
1 umswane wembabala
1,b umswane wenkomo
Lokhu kwwnza ukuthi ngezikhathi ezithile isisu sakho siqumbe sigcwale umoya nje ongawazi nawe
2 amathumbu esambane
2,b amathumbu engungumbame lokhu kwenza ukuthi isisu sakho sikhale okanye senze umsindo othile... mase kuthiwa iyakhala lenyoka kanti suke kukhala lezinto
3ibululu
3,b ivezimanzi
Lezinto ilezi eZivuka zibe yinyoka kuwe esiswini ephilayo kodwa ibe iyihlule kuwe
Lento ke iyakhula usuku nosuku kuwe ngaphakathi, ikunciphise nomzimba futhi iba buhlungu ugcine usuyijwayela
Kugcina kudikiza nje kamnandi lento kuwo kwi lower abdominal
Ubungozi
* liyabulala lelilumbo
*lenza izilondo ngaphakathi esiswini okwenza ukuthi kube nzima ukudla kuzibuyele
* kanye nokufa kwenzalo nemizwa kuwe
* nezinye izifo ezingaya ngobuthaka boomzimba Barlowo othile
Ukwelashwa kwalo
Kubalulekile ukulelapha ngoba liyathelelana kulowo osuke ubambisene naye.
Uma kungaqondana kwelashwa kwalo kuba nzima ngoba ezinye izimbiza nezinsizi ziyayikhulisa iqine okwenza kube nzima ukuthi lelapheke.
Mina ngingagquqguzela ukuthi uma unalo phuthuma ulilaphe niyeke ukungazinakekeli... ngidabukela abalithola nge meqo kodwa la abalothola mgocansi ay angibadabukeli....why?
Bhekani ke impilo yenu
Nilalekahle
Comments
Post a Comment