Izinunu
Uzelane,umkhovu Kanye nomuncu
Umkhovu awukiwo umuntu bazalwane owaduka wase efakwa isipikili umkhovu uyinunu qobo ay umuntu lesi islwane esifuywayo njengazozonke izilwane, izinkukhu, Kanye nezimbuzi. Wona umkhovu uthanda kakhulu amavovo okanye izinsipho ukuze udle zona kanjalo namasi futhi mase kuba inyama ethambile enjengo mubende izibindi. Lenunu iyawakha umcebo ekhaya futhi iyasakha isthunzi ekhaya. Lenunu iyathunywa iyakhuluma iyaphendula uhlobo lweslwane olungabonwa noma uban lolu kodwa lubona abathile Kanye nezingane ezincane ezingakalali nabantu noma ezingakathombi. Kungamanga ukuthi kuthwebulwa umuntu mase efakwa ispikili ekhanda, cha cha imthwebulo nje iseceleni futhi iyodwa qwaba ayhambelani nalokhu, umuntu othwebulayo usuke eyosobenze kwenye indawo kwaziwe ukuba ufile kubo, noma atwebulwe abalawe kusebenziswe izicubu zakho endaweni ethile ekwakheni umuthi
Ziningi izinhloso zokuthwebula umuntu, umkhovu uyakwazi ukuthi uphendule umuntu abe yisoka lakho ulale nayo kodwa ekugcinen uyathola ukuba akile isoka lakho leli uma lona selifika emveni kokuba wena usuzitike ngocansi nomuntu obenjangalo, khona ubaba wakwa mabuyakhuli embazwane nomunye wakwamasuku emakhathini kuzoba undlovu kwamadonela ejozini bangabanye bobuchwepheshe balezinto kuzoba ubaba u jele emsuzwaneni bangabanye abaziyo ngalezinto lezi, mase kuthi utokoloshe wona…..
Uzelane inunu eme njengenkukhu ebusuku iyaphenduka ibe umuntu kodwa onezinzwan ezintantu nezandla ezingabahiko lenunu ayhlukaniseki nenkukhu emini uonwa oqgondogqondo abathile kuthi yiyo, inunu yohlobo le inemisebenzi emangalisayo ayikho into engayenzi oythuma yona, lenunu isebenziswa kakhulu osomlingo, Kanye nokuthaka lemithi okuthiwa omakhomba kwenzeke, yokukhipha amabhodlela mbumbhulu, iphinde ingene futhi ezithakweni zokuthwala nasezithakweni zevolovolo…..
Umuncu
Wuhlobo lweslwane lesi esiynkathazo luwela ohlobeni oluthile lwezipoki ngoba kungumoya ofanayo, lento yinde aybonakali kuba igcinaphi injalo nje ayimi phansi, phela uyasebeka unkabi lo impela kusiphuka ukhakhay nezinwele uma uzodibana nayo, uma leslwanyana sifakwe ekhaya kin nibona ngoba nishayise izimoto ziginqike ziphele nya, kunyamalale ukudla ekhaya kuphele imalik kuze kuphuphe ngisho umuzi uqobo, isuke isngeneke inkunzi Malanga, kantike njalo unkabi lo uyigwala naye. Lokhu islwane esakhiwa zinyanga Kanye nabathakathi ukuba……
Comments
Post a Comment