Izizwe,izilwane,izipoki,isipoliyane Kanye namabutho Lezinto iningi labalaphi besintu bayaziphambinisa lokhu okwenza ukuba kungahambi ngendlela izinto abafuna ngazo noma zenzeka zona kodwa azifiki lapho kumele zifike khona, ngoba lezi izinto ezehlukene kakhulu noma zingenza umsebenzi othi awufane kodwa ukufana zona kazi fani. Izizwe Leligama liyazisho lona uqobo ukuthi izizwe, so ke ezizweni kuyacaca ukuba inhlanganisela yabantu abahlukeni ngokubuzwe babo, amandiya, amashangana, abelungu, njl. So la kujwayeleke ukuba kwakhiwe izizwe ngabo amathambo abo amafutha abo ngokuhlukana kwabo kanjalo nemilotha yabo. Mase kuhlanganiswa namakhambi, amaxolo, izimpande ezithile Kanye namakhasi azokwenze ukuba lezinto okanye labantu bevuke futy bezane bephinde benze into efunwa ilowo othile kube beyenze. Isibonele izizwe ziyabhulisa ezinye, zigade izithandwa zabathile, ikakhulukazi zifakwa kwabesmame ukuze uma ehlangana nomunye wesilisa ngaphandle kwakho zivuke zikhulume zinqame ukuba belale…...
Comments
Post a Comment