Izulu
Izulu
Izulu uhlobo lwesigadlo esihle kakhulu uma uthatheka kancane noma ukubuyisa impahla elahlekile kuye ngobuchule lowo melaphi anokho ngalo. Izulu lehlekene izigaba ezine (4) khona izulu lendoda, elomfazi, elilandayo mase kuba elaphansi.
Elendoda
Izulu elihle leli ngoba alisukumeli ukudlala futhi kunzima ukulehlisa lingashayile. La kukhuphuka ifu elimnyama bhuqe ilanga libalele mas liwadlaza nje kancane likhiphe unyazi lapho kusuke sekuhambe umuntu emhlabeni lokhu kwenzeka isikhathi esingaphansi kwemizuzu elishumi, alinamsindo lelizulu lithatha umuntu lihambe isimo sezulu sibuyele esimeni. Phela lithakwa nglo msuka omnyama Kanye no neyve mase kuba zinduku ezinye njengo ngwaline nemibhadlongo nje, leli izulu eliyingozi kakhulu ngoba uma kucasuka kuthukuthela umnikazi walo nalo liyaqguqga libe mnyama, kanti uma eshona liqeda abantu kumele kube khona umkhuba owenziwayo ekhaya……
Elomfazi
Lokhu ave kuyinkinga akubulali muntu khona kodwa maye akunamsindo akulalwa ebusuku liduma liqhephuke phezulu likhiphe emibi imibani le liyibhekise la elithunywe khonaliphephule izindlu zalapho kube njeye. Phela liboshwela ngesahlulampisi senkanyamba, nomusuka wezulu omhlomphe nezinyeke iziduku. Cha alinabungozi kakhulu kuphela linolaka nje nomsindo kanti alifani nelendoda, kodwa ukufa komnikazi walo nakanjn……..
Elaphansi
Leli alidumi phezulu luduma phansi liyingozi ngoba likushaya likuqgibe lona uma likushayile futhi ulizwa wena wedwa qwaba. Loluwuhloba olujwayele abelaphi Kanye nabathakathi base ningizimu neningizimu afrika…..
Elilandayo
Lelilinda izimpahla ezibiwe njeqha alilwe namuntu lisebenza njengemithwebulo, ngoba lifakwa amalanda, omswabomvu nezinye izinduku nje… ngikhumnule ezinye izinyanga eyakwa Khanyile enhlane Mvutshini Kwesakwabiyela obuka empangeni, idumela neyakwa Mpungose emhhehhe khona obuka zibanga umfazi zithumelana ngalo loluhlobolwezulu…. Yehlulwa eyakwa Mpungose yakhipha inkomo ezimbili zokuyoxolisa kukhanyile… ukhanyile usaphila wakhe Efuyeni manje kanti ukhuba akesekho emhlabeni yena…..
Ukulashwa nokuvuswa komuntu oshawe izulu
Lokhu kudingeka ukuba kuphuthunywe singakapheli isikhathi eside kuyiywe enyangeni ngoba umuntu uma eshaywe yizulu akacimi ngalesosikhathi, noma ebukeka njengomuntu osuke esecimile kodwa cha, ucima uma nje lehla lihlakazeka liphela emafini……….
Comments
Post a Comment