Amaphupho/ukuphupha

 Molo

.

iphupho elinamasimba okanye ukaka isichitho leso noma ngabe kukanjn isichitho uqobo lwaso lelo


.

izulu liduma lokho kusho umshophi okanye ukungena kwalo ekhaya noma lishaye umuntu oyisihlobo sakho kungenjalo kusho isibhamu lokho


ukuphupha ulwa

lokhu kuveza ubuxakaxaka okuvuka kuwe kungaba imimoya okanye izithunywa noma izitha uma unqobile lapho lapho kusho ukuthi uphumelele wena, uma uhluliwe lokhu kuveza kube uhluliwe wena

.

Amaqanda asho ukukhulelwa uma efa isisu siphumile leso noma umntwana uzoba nenkinga,okanye inhlahla thizeni.

.

Ulwandle lusho inhlahla yemimoya yakho muntu,uma luthukuthele ukudinwa kwemimoya lokho,uma ungena kulo uphuma nento lokho kusho ukuphumelela empilweni noma entweni ethile.

.

Imvula enamandla egugulayo lokho kusho ukuty ungahluleka noma nin emizameni yakho.uma wena ungamuki lokho kusho ukuty khona izikhathi ezinzama ezizayo kuwe uqobo kodwa uyophumelela kuzo


.

Amanzi acwebile

Amanzi acwebile ayasho izinyembezi kuyelelana nedikimba yephupho,kanty ayasho inhlahla yemimoya,uma upbhukuda kuwo ubheke inhlambuluko edingekayo either kwabangasekho or kwabaphilayo,uma kukhona kukhona izingubo zobungoma phakty nezembatho zeziprofetho usuke udinga ukuyohlamba imimoya yakho either intwaso o smthing else


.

Adungekile amanzi

Asho ukuncola okuthile kungaba ukumitha ngokungahleleki, amashwa. Khona owaphehlayo lamanzi ekhaya kin, indlela ozoythatha ngeke ilunge intukuthele kwabathize

.

Amanzi amile angagobhozi

Asho ukubopheka kwezinto zithule duuu ngenxayeziinkulumo noma ngokuloywa ngaba thile!!!!!

.

Agelezayo

Zilokotho ezinhle. Futy engasho ukuhambo kokuthile kuwe

.

Izinyoka ezimnyama

Izitha kanti futy omkhulu bakin abangasekho,ezibuhlaza ogogo labo, emnyama namabala ayellow imimoya leyo kuya ngendikima yephupho, ezimhlomphe amaloyo entwalo adla amandla abathile emndenin!!!!!

.                                     Inyama iyisfo either eyangaphakty yangaphandle! . Imali eyama phepha iyaba yishwa fity iyaba inhlahla depending on dream reality yomuntu,kanty emhlomphe iyaba inhalhla futy iyaba ikomba kuvalwa kwenhlahla,emnyama vele ke leyo icacisa khona ukuty ivaliwe kwayona . Izinja zisho isichitho kanye namasimba,kwabanye ziba idlozi,njalo nohlanya futy lunjalo, but abanye amaphupho asuke eyimibono kubantu. . Izinyosi ziba sichitho njeke zona . Umlilo usho ulaka lwabangekho, ulwandle inhlahla yemimoya uma licwebile luthule uma lithukuthele lusho intukuthelo yemimoya

Izingane

Lokhu kuhlukene kaningi kuyasho izilwane noma izingane ezaphuma kuye ngendikima yephupho kuty ithini kodwa kuhamba lapho phkty kokukubili.

.

Inyanda yezinkuni

Isdumbu leso noma kudingeka inhlawulo kokuthize

.

Inyama ebomvu

Isho isifo, noma kudingeka kuhlantshelwe okuthize ekhaya okuyimfihlo

.

Umshado ey low kujwayele kuba umncwabo noma njabulo or wona uqobo umshado, ngokunjalo nokulobolwa kuye kucishe kusho izikweletu ezingakhokhiwe ngokwezinkomo

.

Ukudubulwa kusho izitha noma izulu.

,

Ukugwaza kusho izigadlo zamalumbo kungaba zibhobo noma uzogwaza ngempela

.


.


.Kuphupha unezinwele ezinde lokho kuveza impumelelo onayo

.

Kuphupha ibhokisi either elengane noma elemontomdala ukufa lokho

.

Ukuphupha izinto ezithile ngobungoma noma ngamajazi esazeyoni lokho kusho kuty khona imimoya ekuwe noma khona ukuvikelwa okuthike

.

Imvula isho izinyembezi qobolwazo

.

Iskole sisho izinto eziningi sisho isikole qobo, inhlangano yezinyanga, zangoma intwaso.

Ukuphuphu amanzi engena endlin lokho kusho izinkinga ezilandela wena noma umndeni wakho

.

Amxoxo ayohlezi eyisichitho afuna ukusukunyelwa!

.

Ukuphupha umuntu ongasekho eshonile noma egula kusho khona ukuty akekho ekhaya noma akathokozile lapha ekhona.

.

Ukuphupha umuntu onqunu lokho kusho indaba emayelana nezichitho kanye nezifo.nokugaqgoki kwabathile abangasekho emhlabeni.

.

Udaka nalo lisho into engayinhle,

.

Imoto isho impumelelo phinde ikhombe amashwa ithuna uqobo phinde isho yona imoto futy

.

Ukudla nje yidloso noma kusho indlala yabangasekho

.

Ukuphupha umuntu asoshona kusho lokhu okungenhla noma asuke evakashile,noma engangeni emndenini noma elethe inhlahla ekhaya noma enenkinga kuya ngawe wena mphuphi kuty uphupha izimo ezinjan


Ukuphupha amabhayi ezangoma akusho intwaso 


Izinyosi azikiso ischitho kuyaba inhlahla noma kube isidalwa sebutho 


.

MATHE NKOSKHONA MPANDLENDALA

Comments

Popular posts from this blog

Amalumbo

idlozi nesthunywa

Izinunu 2